Main Article Content

Iqhaza elibanjwe umdlalo kamabonakude uShaka iLembe ukuthuthukisa nokulondoloza ulimi lwesiZulu


Sibusiso Xhakaza
Bongephiwe Dlamini-Myeni
Nontobeko Ngqulunga
Lungile Mkhwanazi

Abstract

Ulimi luyisikhali sanoma isiphi isizwe. Ukushabalala kolimi kusho ukushabalala komlando waleso sizwe ngoba ulimi lugqamisa ubunjalo  bomuntu nokwehlukana kwaleso sizwe kwezinye. Ulimi ilona thuluzi elenza umuntu azazi ukuthi ungubani futhi uvela ngaphansi  kwasiphi isizwe. Lolu cwaningo luqukethe umnyombo mayelana neqhaza elibanjwe umdlalo kamabonakude osihloko sithi uShaka  iLembe ekuthuthukiseni nasekulondolozeni ulimi lwesiZulu. Inhloso yalolu cwaningo ukubheka umyalezo okuqethwe ilo mdlalo kanye  negxathu eliwuhambile ukuthuthukisa kanye nokulondoloza ulimi lwesiZulu. Lolu cwaningo lusebenzise luqhutshwe kusetshenziswa indlela yocwaningoluhlonze (qualitative) ukuqoqa ulwazi ngalokhu osekubhaliwe ngomdlalo weLembe, kulandela ukuphawula  kwabalandeli bawo kanye nalokhu okwenzeka bukhoma ngesikhathi udlalwa. Lolu cwaningo lwesekwe injulalwazi yokuhlelwa kolimi i- language management theory (LMT) ukuphenya nokucubungula ngamaqiniso ngokusetshenziswa kolimi lwesiZulu emdlalweni uShaka  iLembe abacwaningi abakubuka njengendlela yokuthuthukisa kanye nokulondolozwa kolimi lwesiZulu. Ucwaningo luhlaziywe ngendlela  yokuhlunga ulwazi ngokwezigaba (thematic coding). Lolu cwaningo luthole ukuthi nakuba umdlalo uShaka iLembe”ugxile kakhulu ekufundiseni ngomlando wabantu abangamaZulu kuyavela ukuthi baqhakambisa ukusetshenziswa kolimi lwesiZulu, ikakhulukazi izimo  zokukhuluma okuyizisho, izaga kanye nolimi lokuhlonipha. Lokho kuveza ukuthi basebenzisa isiZulu esijiyile nesinothile ukuqhakambisa  isiZulu soqobo.


 


The role of the television series uShaka iLembe in promoting and preserving isiZulu


Language is the weapon of any  nation. The extinction of a language means the extinction of the history of that nation because the language highlights the nature of a  person and how that nation differs from others. It is the tool that makes a person know who they are and what nation they come from.  This study examines the role played by the television series uShaka iLembe in the development and preservation of isiZulu. The purpose  of this research is to look at the message that this drama has sent and the steps it has taken to develop and preserve isiZulu. This study  used the qualitative research method to gather information about what has been written about the uShaka iLembe drama, following the  comments of its fans and what happened while the drama aired. This research is supported by the language management theory (LMT)  to discover and analyse the facts about the use of isiZulu in the drama uShaka iLembe, which the researchers perceive as a way to  improve and preserve the language. The data were analysed by sorting information according to categories (thematic coding). This study  found that although the drama uShaka iLembe focuses on educating people about the history of the Zulu nation, it appears that  they also emphasise the use of isiZulu, especially proverbs, idioms and the language of honour (ulimi lokuhlonipha). This shows that they  use the depth and beauty of the langauge to promote authentic isiZulu. 


Journal Identifiers


eISSN: 2305-1159
print ISSN: 0257-2117